
Nhlakanipho Mnqayi
Kuthuke abaningi ngesikhathi ibhodi lokudluliswa kwamacala le-Confederarion of African Football (CAF) (CAF Appeal Board) limemezela iMorocco njengompetha abasha be-Africa Cup of Nations (AFCON) 2025 ebibanjelwe eMorocco ngo-January nonyaka.
Kuzokhumbuleka ukuthi lomqhudelwano wanqotshwa yizwe lase-Senegal ngokuhlula iMorocco ngo 1-0 emdlalweni wamanqamu nge-extra-time emva kokuthi umdlalo waphela lamazwe ebambene ngo 0-0.
Isinqumo seCAF sokuphuca iSenegal isicoco siqhamuka emva kokuthi ngesikhathi kuqhubeka umdlalo wamanqamu, iMorocco yathola iphenathi umdlalo usuyophela, iSenegal yasiphikisa isinqumo sika nompempe, yakhetha ukuphuma enkundleni okubalelwa emizuzwini engu-15, okwasusa umsindo omkhulu.
Kwaze kwaphoqa ukuthi umdlali waphambili weSenegal, uSadio Mane encenge abadlali bakubo ukuba babuye enkundleni, ukuze iMorocco iyishaye iphenathi, eyagcina ngokuyigeja, nokwenza umdlalo wadlulela kwi-extra-time nalapho iSenegal yafike yawunqoba khona.
Isinqumo sangaphambilini seCAF, sathi kuzohlawuliswa bonke labo ababethinteka baphinde bakhokhiswa izinhlawulo, abanye bathola ukumiswa ngenxa yokuziphatha kwabo nokunye.
Ngokusho kwe-CAF esitatimendeni izolo, ithe iSenegal yawuduba lomdlalo.
“Ibhodi Lokudluliswa Kwamacala le-CAF linqume ukuthi ngokusetshenziswa kuka-Article 84 wemiThetho ye-CAF Africa Cup of Nations (AFCON), iqembu lesizwe laseSenegal kumenyezelwe ukuthi lihlulwe emdlalweni wokugcina weTotal Energies Africa Cup of Nations Morocco 2025, nomphumela womdlalo waqoshwa njengo-3-0 uvuna iMorocco,” kusho isitatimende.
