
Nhlakanipho Mnqayi
Emva kokuba uMasipala weTheku wethule izechuse ezimbili eThekwini muva-nje, zowayenguMengameli uNelson Mandela no-Oliver Reginald Tambo enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi usenxuse ukuthi kwakhiwe itshe lesikhumbuzo likazwelonke lokuhlonipha uMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho.
UButhelezi usho kanje ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yosuku emcimbini wokuklomelisa omasipala baKwaZulu-Natal, obuse Durban International Convention Centre (ICC) izolo.
“Isithombe esiphelele nesiyiqiniso somlando wenkululeko yaseNingizimu Afrika kumele sihloniphe igalelo loMntwana uButhelezi kanye nezinye izihlabani zezwe. Ukuhlonipha uMntwana uButhelezi kanye nezinye izingcweti zenkululeko kuzoqinisekisa umlando obandakanya wonke umuntu oqhakambisa ubuholi obuhlangene obabumba isizwe,” kusho uButhelezi.
Uthe uMntwana uMangosuthu wayeyibhuloho phakathi kweMishini ye-African National Congress (ANC) ngesikhathi kudingiswe u-Oliver Tambo kanye nombuso omusha wentando yeningi kaMengameli uMandela.
“Umntwana uButhelezi wagcina umzabalazo uphila eNingizimu Afrika. Ngesikhathi umbuso wobandlululo ubathulisa bobabili uTambo noMandela. UButhelezi wayeyizwi labacindezelwe,” usho kanje.
Uthe lezi zichuse ezimbili zaseThekwini aziphelele ngaphandle komfanekiso woMntwana uMangosuthu Buthelezi.
