
Nhlakanipho Mnqayi
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli ugcizelele izinhlelo zikahulumeni ezibeka phambili ukulingisa ingqalasizinda kwezinye izikhungo zezempilo nezemfundo kulesi sifundazwe, ukuthuthukiswa kwezolimo ezindaweni zasemakhaya kanye nokufukula umnotho wakulesi sifundazwe.
UNdunankulu usho kanje ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesimo sesifundazwe iState of the Province Address (SOPA), enkundleni yezemidlalo iWoodburn Stadium, eMgungundlovu namhlanje.
“Ukuthuthukisa ezempilo nezemfundo, yinto ebalulekile okungaxoxiswana ngayo. Le mikhakha iyinsika yokuthuthukiswa kwabantu,” kusho uNtuli.
Uphinde wagcizelela ukubaluleka kokusondezwa kwezinsiza emiphakathini nathe iyaqhubeka imizamo yokusebenzisana kwezinhlaka neminyango eyahlukene ukuhlinzeka ngezemfundo nezempilo ezengeziwe.
Eqhuba inkulumo yakhe ugqamise umkhankaso oqhubekayo wokwakha kabusha isifundazwe nokulungisa isimo somnotho owakhahlamezeka kakhulu ngesikhathi kuhlasela iCOVID 19 ngo-2019, nomonakalo wezibhelu zango-2021 nezikhukhula ezidalwe ukuguquguquka kwesimo sezulu.
“IKwaZulu-Natal ikwazile ukuvuka emva kwenhlekelele eyadalwa yizibhelu zango-2021 neCOVID-19, ukushaqeka okubili okwavivinya ukuqina komnotho wethu. Lezi zehlakalo zaba umphumela owaholela ekulahlekeni kwezimpilo zabantu, kwalimala ingqalasizinda, ukuvalwa kwamabhizinisi kanye nokubaleka kokuzethemba kwabatshali zimali,” usho kanje.
UNtuli uzibophezele ekwakheni kabusha umnotho wesifundazwe ngokunxenxa abatshali zimali nosomabhizinisi abazimele ukuze kuthuthukiswe umnotho kudaleke namathuba emisebenzi.
