
Nhlakanipho Mnqayi
Ugwetshwe odilika jele ababili umalume odlwengule abashana bakhe ababili eSpringboklaagte, eDannhauser.
Esigwebeni esikhishwe zingu-5 February nonyaka, lo mlisa (20) utholwe enecala ngesikhathi inkantolo yeMantshi eNewcastle imgwebela amacala amabili okudlwengula abashana bakhe ekhaya labo.
Kuthiwa ngo-July wango-2023, lo wesilisa wadlwengula umshana wakhe oneminyaka engu-10 ubudala, amahlandla amathathu, wamthembisa nokumbulala uma eke wayithi vu lendaba. Ngesikhathi emdlwengula ihlandla lesithathu, intombazanyana yaba nesibindi yabe isitshela abadala ababe sebebikela amaphoyisa.
“Uphenyo luveze ukuthi umalume uphinde abe wumsolwa kwelinye icala lokudlwengula nalapho adlwengula umshana wakhe oneminyaka engu-12 kuyo lendawo.”
“Ngobusuku zingu-3 March 2024, intombazanyana (12) yayisendlini ngesikhathi umalume engena eyibamba ngenkani. Yabe isiyiswa esibhedlela nalapho kwafike kwaqinisekiswa ukuthi idlwenguliwe,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Uphiko lwe-Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) lulusukumele phezulu lolu daba futhi isigwebo esikhishwe yinkantolo yeMantshi eNewcastle sibagculisile. Igama lomsolwa lizobhalwa ohlwini lwalabo abahlukumeza ngokocansi ezweni iNational Register for Sex Offenders.
