
Ihlulekile imizamo yokuthi kuhoxiswe uxhaxha lwamacala olwalubhekene nezikhulu zaseMhlathuze Water, ummeli nowayenguMqondisi Jikelele kuhulumeni waseKZN.
UMthokozisi Duze owayeyisikhulu esiphezulu, owayengumphathi wemali eMhlathuze Water, ummeli uRalph Mhlanga, owayengumqondiwi jikelele kuhulumeni eKZN uNonhlanhla Mkhize bebefuna ukuthi inkantolo iwahoxise amacala ababhekene nawo.
Baboshwa ngo-2022 ngamacala okweba, ukukhwabanisa, inkohlakalo, ukushushumbisa imali yamathenda.
UMhlanga wayethola amathenda ezomthetho eMhlathuze Water futhi usolwa nangokukhokhela uDuze emsiza ngokumakhisa umuzi wakhe kanokusho eMhlathuze nangokumthengela utshwala bendawo yakhe yokujabula iSprtyz Premium Lounge Mgungundlovu.
Baye eNkantolo eNkulu yaseThekwini befuna ukuthi amacala ahoxiswe noma engaqhubeki ngaphandle kwencwadi ebhalwe umqondisi wezokushushiswa komphakathi.
Bebekhala ngokuthi sekuphele isikhathi eside lingaqulwa nokuphazamisa impilo yabo ngoba bengaphandle ngebheyili enemibandela.
Icala bese kuhlelwe ukuthi liqulwe ngomhlaka 23 February 2026. Umbuso kodwa uthi usuphinde wathola okunye okuningi osakuphenya.
IJaji uMathenjwa libe selinquba ukusichitha isicelo sabasolwa. Lithe icala alingabe lisaqala ukuqulwa ngezinsuku ebezibekiwe. Likhiphe umyalelo wokuthi aliphinde lihlale kubhekwe ukuthi izinhlangothi zombili sezihambe zagcina kuphi ngamalungiselelo.
