
Bazovela namhlanje enkantolo yeMantshi eMelmoth naseNkandla abasolwa ababoshwe ezindaweni ezihlukene nezibhamu ezingekho emthethweni.
Abasolwa abawu-5 ababoshiwe baneminyaka ephakathi kuka-34 no-70.
Amphoyisa asoLundi aziswe ngababili abanezibhamu ezingekho semthethweni eThubalethu eMelmoth. Izolo apequlule umuzi atholani shotgun ebiqhaqhiwe abopha owokufika ona-35z adlulele komunye umuzi abopha ona-34 otholwe nezibhamu ezimbili.
“Umsolwa uboshelwe ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethwenj futhi angase aboshelwe amacala okubulala enzeka eMelmoth,” kusho uLieutenant Colonel Paul Magwaza okhulumela amaphoyisa eKZN.
Khona futhi izolo amaphoyisa eKing Cetshwayo District Essential Infrastructure Task Team nonogada abazimele bagasele Ohlelo eNkandla babopha ikhehla elina-70 ne-AK47. Adlulele kwaNxamalala abopha umsolwa ona-48 etholwa ne shotgun nezinhlamvu ezingu-48.
Umsolwa wokugcina oboshiwe una-52 otholwe neR5 nezinhlamvu ezingu-13.
