
Nhlakanipho Mnqayi
Kube enkulu inhloko ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi bonke abatshali zimali, abebenemali evalele ebhange IThala, bazokwazi ukuyithola ungakashayi uKhisimusi.
Amakhasimende asebenzisa leli bhange ebengakwazi ukukhipha imali yawo njengoba kwavalwa ukusebenza kuleli bhange ezinyangeni ezedlule.
Namhlanje UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ehambisana nongqongqoshe abahlukene okubalwa kubo ungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnothi, Ezokuvakasha kanye nezeMvelo, uMfundisi Musa Zondi kanye nongqongqoshe wezezimali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers.
“Izinkinga ze-Ithala SOC Ltd ebelibhekene nazo beziqhamuka kubaphathi bangaphambilini. Kodwa, uhulumeni wokuBusa ngokuBambisana esifundazweni ukhombise ukukhathalela bonke abafakizinalo base-Ithala.”
“Ukungenela kwethu kube yimpumelelo ecaleni lomqondisi owenza okungaphezulu esikhundleni sakhe nokwaholela ekutheni kuthinteke ukusebenza kwe-Ithala,” kusho uRodgers.
Okunye okuhlalukile uhulumeni wesifundazwe usebenzisane nohulumeni kanye nabezezimali kuzwelonke ukuze kutholakale isixazululo.
Kuvele ukuthi ezinsukwini ezizayo, uhulumeni wesifundazwe esebenzisana nebhange Ithala kanye nomqondisi wezinkokhelo bazokhipha imiyalelo ezosho ukuthi:
- Inini nakephi abatshali zimali bengakwazi ukuthola izimali zabo;
- Imaphi amagatsha azovulwa;
- Yimaphi amaphepha azodingeka ukuqinisekisa imininingwane; nokuthi kuzokkwenziwa izindlela zokweseka abatshali zimali.
