
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal acela ukusizo ngokuthola uSduduzo Mavundla (29) ofunelwa icala lokuzama ukubulala umshana wakhe ona-9 okuthiwa wamklinya, wamgwaza ebusweni wamshiya ePhola eChesterville ngomhlaka 4 January 2024.
Amaphoyisa athi umfana ona-9 wayevakashele umkhulu wakhe ngesikhathi umalume uSduduzo emholela ehlathini ethi uyomthengela izinto ezimnandi.
Ehlathini kuthiwa wamtshela ukuthi ufuna ukumkhombisa ngoba wakhe udedelela owakhe (ubaba kaSduduzo).
“USduduzo wabe eseklinya umfana wamgwaza kaningi ebusweni umfana waquleka. Ngemuva kwesikhathi wakwazi ukuvuka wakhasa waya emgwaqeni lapho asizwa owayedlula wamusa esibhedlela. Ngaleso sikhathi uSduduzo wayesetshele umama wakhe ukuthi ayobika emaphoyiseni eCato Manor ukuthi umshana udukile,”kusho isitatimende samaphoyisa.
USduduzo waboshwa waphuma ngebheyili kodwa wangaphinde waya enkantolo. Incwadi yokuboshwa kwakhe yakhishwa ngoSeptember 2024.
