
Nhlakanipho Mnqayi
Umsolwa obefunelwa icala lokubulala udutshulwe ngamaphoyi washona izolo.
Lomlisa (20) ubefunelwa icala lokubulal alenza zingu-12 October nonyaka nalapho adubula khona indoda ebhulohweni emgwaqeni waseSiyanda, eWiggins.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe amaphoyisa enze uphenyo olubaholele endaweni yaseDark Road, eWiggins eCato Manor okusolakala ukuthi umsolwa ubecashe khona.
“Ngesikhathi amaphoyisa esezongena lapho abehlala khona, umsolwa uvulele ngezulu lezandla, amaphoyisa aphendula. Ngesikhathi kudutshulwana umsolwa ube esesala enkundleni.”
“Umsolwa uphinde watholwa nesibhamu nezindlambu. Ngaphandle kwecala lokubulala laseWiggins, umsolwa ubefunelwa olunye uxhaxha lwamacala okugqekeza endlini nasezitolo khona endaweni yaseCato Manor,” kusho isitatimende.
Sithe umsolwa uke waboshwa ngaphambilini emva kokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni ngo-2024 kanye nokuzama ukubulala ngo-2023. Akugcinanga lapho, umsolwa wake waboshelwa nokushaya ngenhloso yokulimaza.
Awekho amaphoyisa alimalile ngesikhathi kudutshulwana.
