
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa KwaZulu-Natal asebophe owesilisa osolwa ngoxhaxha lamacala okunukubeza abesifazane kanye nokugqekeza, eMandeni nasoThongathi.
Lo wesilisa (36) usolwa ngamacla angu-9 okunukubeza njengoba kuthiwa yena Kanye nalo abesebenzisana naye bebebheke abesifazane abaneminyaka engu-15 no-37. Bebebabamba inkunzi abese beyabadlwengula.
Ngokusho kwesiatimende samaphoyisa sithe zingu-28 January 2013, owesifazane (21) wayehamba bude buduze nebhuloho eDarnall, KwaDukuza ngesikhathi amadoda amabili eza kuye, amdonsela ehlathini ase amnukubeza.
“Icala lokudlwengula labikwa emaphoyiseni aKwaDukuza ukuze kuphenywe. Omunye wesifazane wayehamba nomamezala wakhe eduze nasendaweni yomoba zingu-14 March 2013 ngesikhathi behlaselwa abasolwa ababili ababanukubeza,” kusho isitatimende.
Sithe umsolwa uthinteka emacaleni angu-9 okunukubeza ngokocansi abikwa maphakathi neminyaka yango-1013 no-2016.
Amaphoyisa abebafuna phansi phezulu abasolwa, kwathi ngoLwesine zingu-9 October nonyaka, umsolwa oyedwa waboshwa ehlathini KwaDukuza lapho ayecashe khona.
Kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi KwaDukuza namhlanje.
