
UKhomishana wamaphoyisa eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ubeqhulula amabhomu ngesikhathi ethula ubufakazi ekomidini lePhalamende eliphenya ngokugxambukela kwezigebengu ezinhlakeni zomthetho.
UMkhwanazi uthule ubufakazi kwaze kwashaya o-11 ebusuku.
Uthe uvulele iphini likaKhomishana wamaphoyisa kazwelonke uLt General Shadrack Sibiya icala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho ngokuthatha amadokodo ePolitical Killings Task Team ngokungemthetho.
Uthe uyathemba ukuthi maduze kuzoboshwa abantu.
Uthe uKhomishanana wamaphoyisa uGeneral Fannie Masemala ungufakazi wakhe.
Ezinye zezinto azishilo ukuthi owayengungqongqoshe wamaphoyisa oshonele eFrance ngokuziphosa ebhilidini uNathi Mthethwa wakhelwa udonga olubiye umuzi wakhe ngemali yamaphoyosa. Uthe kwathathwa imali yeCrime Intelligence engacelanga kwenziwa ngoba befuna ukuthi bagange kahle engabakhuzi.
Uphinde wathi abantu bayomangala uma bethola ukuthi imizi eqashwa yiCrime Intelligence ngeyobani.
Uthe uma kuqhubeka nokuchukuluzwa amaphoyisa eCrime Intelligence azozphoqeleka ukuthi aziphendulele bese kusha izwe.
Uthe yena akayena usopolitiki, akanazo izinhlelo zokungena kuyo kodwa wazi isiphoyisa kuphela.
