
Nhlakanipho Mnqayi
Imeya kaMasipala waseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu umemezele ukuthi kuzoqalwa imidlalo yeMeya eqanjwe ngegama laloyo owayeyiMeya yasoThungulu.
Le midlalo ezoba senkundleni yezemidlalo eSiyabonga Sangweni Sports Complex, eMpangeni izobizwa nge-Dr BV Mthethwa Mayoral Tournament.
Imidlalo ezobe idlalwa kubalwa ibhola lezinyawo, elomnqakiswano, iVolleyball, itennis, athletics nama-indigenous games.
UBhengu uthe inhloso ngokuqamba le midlalo ukutshengisa igalelo eladlalwa nguNyambose kwezemidlalo.
“Sikhumbula iqhaza lakhe kwezemidlalo, entuthukweni kanye nakwezemfundo njengoba wayegqugquzela ukuthi abantu bazibandakanye nezemidlalo nezemfundo,” kusho uBhengu.
Uthe bayafisa ukuthi intsha yaseMfolozi ivelele kwezemidlalo.
“Sifisa babonakale sebedlala emaqenjini amakhulu njengoba bekhona asebephambili,” usho kanje.
Le midlalo izodlalwa kusukela zingu-26 September kuya ku-28 September nonyaka. Kuyo le midlalo kuzophinde kuhlungwe nabazodlala emidlalweni yama-SALGA eking Cetshwayo.
