
Nhlakanipho Mnqayi
Kuvuke inhlasi yethemba ngesikhathi kwethulwa isiteshi esingumahamba nendlwana kwaMbonambi, ngaphansi koMasipala waseMfolozi namhlanje.
Lesi siteshi singesinye kwezine ezethulwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ngenyanga edlule ngenhloso yokuzama ukwehlisa izinga lobugebengu ezindaweni zamakhosi ezehlukene.
IMeya yakuMasipala waseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, kanye namakhosi abehambele lomcimbi okubalwa kuwo iNkosi uMthiyane wakwa Sokhulu, iNkosi uMthiyane waseMaMbuka, iNkosi uMthethwa kwesaKwaMthethwa kanye nenkosi uMbuyazi, amaphoyisa, izinduna kanye neNhloko yoMnyango wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uMnuz Vuyani Mbesa bakushayele izandla ukulethwa kwalesi siteshi.

“Sibonga undunankulu ngokuzwa isikhalo somphakathi waseMfolozi njengoba iMeya uBhengu ibilokhu ilubike njalo udaba lobugebengu kuye,” basho kanje.
Lesi siteshi kukhona kuso indawo yokugcina iziboshwa, indawo yokuhlala kwalabo abasuke bezofuna usizo nokunye. Kuzophinde kube nohlelo lokuthi sihambele imiphakathi eyahlukene.
