
Bongane Motaung
UMphathiswa woMnyango wokuBusa ngokuBambisana uMfu uzohambela umphakathi waseMondlo ngoLwesihlanu ukuyolalela izinkinga obhekene nazo eziholele ekutheni uze ushise amahhovisi omkhandlu.
NgoLwesithathu bekuphume nesinedolo amalungu omphakathi uvala ngamathayi avutho namatshe idolobha lawo kusukela ekuseni ngezintatha. Umphakathi ufuna uMkhandlu kaMasipala waseBaqulusini uzobaphendula ngezidingo ngqangi zawo.
Le mashi akuyona eyokuqala kulo nyaka nakuba lawa edlule ayenokuthula. Imeya ayikwazanga ukufika mathupha, yathumela iMenenja womkhandlu uSbonga Dlamini ukuzokwamukela izikhalo zomphakathi.
Uhlu lwezikhalo lusafana nolwamamashi edlule, kanti abaholi bale mashi bakhala ngokuthi kudlule izinyanga eziyisithupha umkhandlu ungakaze wabaphendula.
Ngasekuqaleni konyaka kwaba nama mashi amabili lapho umphakathi ukhala ngokungagculiseki ngezinsiza ezifana nokulethwa kwamanzi, ukukhokhwa kwama rates, ugesi, imigwaqo engaphephile kanye nokuthuthwa kwendle.
Umholi wemashi yokuqala u-Vusi Banda wadutshulwa washona ngosuku olwalwandulela imashi, kuze kube manje lolohlu lwezikhalo umphakathi uthi akaze lwaphendulwa.
Ngenyanga ephelile umphakathi uphinde wamashela izinkinga ezifanayo kodwa umkhandlu awukwazanga ukubuya kuwona uzobaphendula mathupha emphakathini, kepha imihlangano yomkhandlu ihlala ihlehliswa.
Abaholi bemashi batshele intatheli ukuthi siphelile isikhathi sokuncenga lonkhandlu njengenjwayelo. Yingakho umphakathi othukuthele ugane unwabu uphume ngobuningi ukuzoveza ulaka lwawo.
Lo khukhulelangoqo ugcine ngokuhlukaniswa izethembiso zikaDlamini owamukele uhlu lwezikhalo wathembisa ukuthi ngeSonto uzobuya nemeya ukuba kzophendula ngezimfuno zabo.
Kodwa abahlali abakwazanga ukulinda ngezithuba zantambama babuyela emgwaqeni emva kokucishelwa ugesi ngokohlelo lwe-load reduction yamahora angu-8 ngosuku olumenyezelwe umkhanndlu ngempelasonto okuthiwa luzophela ngo-May onyakeni ka 2026.
Kube sekubikwa ukuthi ayangqongqa amahhovisi oMkhandlu kaMasipala wabaQulusi azinze elokishini laseMondlo eshiswa abahlali abebethukuthele begane unwabu ngoba befuna ugesi.
UMholi weMondlo Residents u Thokozani Ndwandwe uthe abahlali badinwe ukuthi umkhandlu wehlulekile ukumisa uhlelo lwe-load reduction kuze kufike usuku lokuhlangana nemeya.
