
Nhlakanipho Mnqayi
UPhiko loKlebe oluphenya ngobugebengu obuhleliwe esebenzisana namaphoyisa eCrime Intelligence, aweSydenham Trio Crime kanye neSydenham nakuMasipala iDurban Metro Police abophe uthisha otholwe nesibhamu esingekho emthethweni.
USiseko Ludongeni ofundisa esikoleni iDulati Combined School endaweni yaseMagqagqeni, uphinde watholwa nezomoto ezintshontshiwe.
Ngokusho kwamaphoyisa Athens athole umkhondo wokuthi uLudongeni ubeshayela imoto entshontshiwe nokuthe uma beya esikoleni afundisa kuso, yabonakala imoto yase imiswa.
“Imoto ibe isihlolwa, kwatholakala isibhamu nezinhlamvu. Imoto iphinde yabukisiswa yahlonzwa njengentshontshwe eMgungundlovu ngo-November nyakenye,” kusho isitatimende.
Sithe uthisha ube eseboshwa, wayiswa lapho ahlala khona, kwathilakala iVW Polo ecwiyiwe egaraji.
“Nayo imoto ibe isibhekwa kwatholakala ukuthi yantshontshwa endaweni yaseBayview ngaseChartsworth ngo-December nyakenye.”
“ULudongeni utholwe enecala lokutholakala nesibhamu esingenayo ilayisensi kanye nezimoto ezintshontshiwe. Isibhamu esishaqiwe sizohlolwa ukuthi asibandakanyeki yini kwezinye izenzo zobugebengu,” sisho kanje.
Uvele enkantolo yeMantshi eMzimkhulu, icala lahlehliselwa zingu-22 September nonyaka.
UMajor General Lesetja Senona ukwamukele ukuboshwa kukamsolwa waphinde wancoma amaphoyisa ngomsebenzi omuhle.
