
I-NIU ifune yathola obesolwa ngokubulala uthishanhloko wesikole saseMsinga uZwelabantu Zuma ngo-2020. Umsolwa ona-40 uke waboshwa phambilini kodwa icala lahoxiswa.
Uphenyo luveze obunye ubufakazi kwase kukhishwa incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.
Umsolwa ubefunelwa namanye amacala okuduna imoto nokuba nesibhamu esingekho emthethweni.
NgeSonto amaphoyisa athole umkhondo wokuthi usehostela eMapetla eSoweto.
“Ngesikhathi umsolwa ebona ukuthi sekukhona amaphoyisa waqala wadubula iNIU yamdubula wafa,” kusho amaphoyisa.
Abanye ababili ecaleni lokubulawa kukaZuma badonsa udilikajele. Abanye bashona lingakathethwa icala.
Umsolwa oyedwa usathungathwa.
