
Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezingu-12 ngesikhathi eqhuba uphenyo mayelana nokuzama ukubulala umshayeli we-Uber, eClermont, KwaDabeka izolo.
Kulezi zibhamu ezingu-12, ezingu-8 zithathwe komunye umuzi wesinye sezikhulu zamatekisi, kwathi ezingu-4 zathathwa kwizikhulu zosomatekisi ukuze ziyohlolwa ukuthi azithinteki yini kwamanye amacala.
Okunye okuhlalukile ukuthi omunye wosomatekisi okusolakala ukuthi wuye oshaye umshayeli we-Uber, uzilethe yena emaphoyiseni ehamba nabammeli bakhe.
Amaphoyisa aphinde aqinisekisa ukuthi isimo sikahle KwaDabeka futhi amaphoyisa asiqaphile isimo.
Athe azophinde aqinisekise ukuthi kuba nomhlangano phakathi kwemboni yamatekisi kanye nabashayeli bama-Uber ukuze kuphunywe nesixazululo.
