
Nhlakanipho Mnqayi
Ngaphansi kwengqikithi ethi: Women in Traditional Leadership, ebizwa nge-ONdlunkulu Dialogue, ithakaselwe ngenkulu injabulo e-Aloe Lifestyle Hotel, eShowe izolo.
Lengxoxo obungeyokuqala ngqa ukubanjwa, ibihanjelwe oNdlunkulu baMakhosi ngaphansi koMasipala waseNkandla okubalwa kubo uNdlunkuku waseMahlayizeni KwaBiyela, uNkk Sizakele Biyela noNdlunkulu waseMaNgidini, ophinde abe yiNkosi yesizwe saKwaBiyela, uNkk Zandile Biyela, uNdlunkulu waseMbongombongweni KwaButhelezi nabanye, ngenhloso yokucobelelana ngolwazi nanokuthi kuyini ukuba ngumuntu wesifazane.
IMeya yakuMasipala waseNkandla, uNkk Nonhlanhla Nzuza, ethula inkulumo yakhe, uthe kunabesifazane abaningi abazibona bekude namakhosi, kodwa oNdlunkulu kungumsebenzi wabo ukubasondeza.
“Ngalengxoxo ngifisa sizoncela koNdlunkulu, futhi sikhule ngolwazi ngoba lunamandla. Sizothi koNdlukulu, uMasipala njengoba uphenthwe ingxenye eningi yabantu besifazane akusetshenziswane,” kusho uNkk Nzuza.
Uthe kubalulekile ukubanjiswana.
“Ngiyalibona iqhaza elibanjwe oNdlunkulu ezindaweni zaMakhosi. Ngiyazi banayo imibono yokuthuthukisa izindawo, ngakho-ke ukubasondeza yiyona nhloso yokuthi sihlale noNdlunkulu ngoba basifukamele futhi bangomama bethu.”
“Lendlela kumele siyihambe sonke ngonyawo olulodwa futhi oNdlunkulu ziningi izinhlelo abaqhamuke nazo ukuthuthukisa izingane ezincane, ukunakekela abesifazane nokunika abesifazane izikhali zokubambisana,” usho kanje.
Ugcizelele ukuthi njengoba abesifazane behlukunyezwa mihla namalanga, abakhale kuzwakale, bebambane ukuze loluhambo lube yimpumelelo.
Isikhulumi sosuku, uNdlunkulu waKwaButhelezi, eMbongombongweni, uthe yonke into ethintwa ngumuntu wesifazane ayiqhakaze, ikhule.
“Konke okuthintwa umuntu wesifazane akwande. Owesifazane akazazi ukuthi ungubani futhi angavumeli ukutshelwa abantu ukuthi bangobani, akazithande futhi azinakelele,” kusho uNkk Buthelezi.
Uthe abesifazane ababhukule bazame ngoba impilo idinga umuntu oqinile.
“Ukwehluleka akuchazi ukuthi uyisehluleki. Uma usanawo amandla qhubeka uzame ngoba ukulahla ithawula akuyona indlela,” usho kanje.
Uthe owesifazane ufana nesiqu sesihlala esihlanganisa bonke abantu njengoba isihlahla sinezingxabu. Uthe abesifazane abazi ukuthi amandla abo bawalandaphi futhi baqinise ngokuhlala edolweni, bekhuleke.
