
Sekumiswe abanye abagijimi bakuleli ngokutholakala nezidakamizwa noma izikhuthazi emagazini abo.
UDan Moselakwe Matshailwe owaqeda endaweni yesibili kwiComrades Marathon ngonyaka odlule umiswe iminyaka emine.
Umgijimi wesifazane uLebo Phalula osanda kuqopha irekhodi labaneminyaka engu-40 kuya phezulu ebangeni lika-10km yena umiswe iminyaka emithathu.
UWilliam Kaptein owanqoba iTwo Oceans Marathon ebangeni lika-21km kulo nyaka umiswe inyanga eyodwa okuyisigwebo asesiqedile.
Wafeyila ukuhlolwa kwangawo lo mjaho kutholwa insangu emchameni wakhe nokusho ukuthi angase aphucwe lesi sicoco.
Ubhale kuFacebook ukuthi wabheka i hubbly ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi komjaho engazi ukuthi ifakwe insango.
Ngenyanga edlule kumiswe umgijimi waseKZN uNkosikhona Mhlakwana iminyaka emine kodwa ngoba wavula icala isigwebo sancipha saba eseminyaka emithathu. Watholwa nesikhuthazi i-EPO egazini.
