
Nhlakanipho Mnqayi
Ligcine libagojele abasolwa abane abasoconga uMnuz Oscar Hlatshwayo eLadysmith ngo-2019.
UNomaswazi Shabalala, Mondli Mabaso, Mduduzi Njuza noBrown Ngcobo bagwetshwe udilikajele ngamacala okubulala, ukuhlela itulo lokubulala, ukuphatha izibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
UHlatshwayo owayeyi Executive Director kwa-Engineering and Infrastructure Services Department ngaphansi koMasipala i-Alfred Duma, wadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe, ngesikhathi esebulewe ithimba le-Political Killings Task Team, laqalisa uphenyo olunzulu olwaholela ekuboshweni kwabasolwa abane ngo-2019. Bonke abasolwa bagwetshiwe namhlanje enkanto eNkulu yaseMadadeni, eNewcastle.
“Umsolwa ngamunye ugwetshwe udilikajele ngenxa yendima umuntu ngamunye ayidlala ngesikhathi kusocongwa uHlatshwayo.”
“UNomaswazi Shabalala, oyi-Senior engineer kuMasipala i-Alfred Duma Local Municipality, nguye ungqondongqondo owakhanda itulo lokubulawa kukaHlatshwayo, uMondli Mabaso, ongusomabhizinisi okusolakala ukuthi uyathinteka kumathenda akulomasipala, waba nesandla ekubulaweni kukaHlatshwayo. UMduduzi Njuza yena wahlanganisa ukutholakala kwezibhamu ezasetshenziswa ukwenza lobu bugebengu kwathi, uBrown Ngcobo, owaziwa njengenkabi, nguye owadubula kulokhu kuhlasela,” kusho isitatimende.
UKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uGeneral Fannie Masemola ukwamukele ukugwetshwa kwalaba basolwa.
“Ngiyethemba ukuthi lokhu kugwetshwa kwabasolwa kuzoletha ukuthula emndenini kamufi,” usho kanje.
