
Nhlakanipho Mnqayi
Kuphele amahlathi okucasha ngesikhathi iNkantolo yesiFunda eMtubatuba igweba uSahluko Patrick Mthembu iminyaka engu-12.
UMthembu (32) utholwe enecala lokuzama ukubulala mayelana necala elithinta udlame lwamatekisi.
Ngokwesitatimende samaphoyisa sithe zingu-5 December 2019, othisha ababili baqasha imoto ekhokhelwa ngebanga (meter taxi) ukuthi ibayise esikoleni samabanga aphansi lapho abasebenza khona. UMthembu, owayengunogada wenyunyana yamatekisi, wayilandela Lemoto njengoba yayilibangise endaweni yakwaMduku, eHluhluwe.
“Wabe esedubula umshayeli wemoto izihlandla eziningi ngaphandle kwesizathu kodwa umshayeli waphunyuka engenamiyocu,” kusho isitatimende.
Sithe emva kweminyaka emithathu ingekho inqubekela phambili kuleli cala, labe selidluliselwa ophikweni lwe-Provincial Taxi Violence Unit.
“Lolu phiko lwakwazi ukuyamanisa uMthembu nalobu bugebengu, waboshwa ingakapheli nenyanga. Ngesikhathi amaphoyisa ephenya, kuhlaluke ukuthi uMthembu wadubula umshayeli wale moto ngoba wayemusola ngokuhambisa abagibeli bamatekisi engenayo imvume,” sisho kanje.
Amaphoyisa akwazile ukuphikisa izicelo eziningi zebheyili zikaMthembu wagcinwa esitokisini kuze kufike usuku lokugwetshwa kwakhe.
