
Nhlakanipho Mnqayi
Kuse ngokunye iNkantolo yesiFunda eNquthu igweba owesilisa odilikajele abangu-10 neminyaka engu-70 ngaphezulu ebhadla ejele.
UMandlelisa Mabhale (58) utholwe enamacala angu-10 okunukubeza izingane ezincane, ukuhlukumeza ngokocansi nokubonisa izingane esidlangalaleni ucansi.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, ngo-Septhemba 2022, omunye womama ogada izingane ezingu-4 wezwa abantu bekhuluma ngomfundisi onesithunzi sokunukubeza izingane ezincane.
“Lengxoxo yayosolisa kulomama ngoba izingane lezi azigadayo zinokuya kulendawo kamfundisi futhi zihlala isikhathi eside naye. Izingane zibuye zimusize uMabhale uma enze eminye yemisebenzi yakhe zokulungisa izinto zikagesi.”
“Ngesikhathi lomama efika ekhaya, wabuza lezi zingane ezine ukuthi uMabhale wake wenza okuthile yini kuzona, kodwa zangasho lutho. Izingane zabe sezimtshela unina wazo ukuthi umfundisi uyazinukubeza, udaba lwabikwa ngokushesha emaphoyiseni,” kusho isitatimende.
Sithe kube sekuqaliswa uphenyo ngokukhulu ukushesha kwatholakala ukuthi uMabhale usenukubeze izinyane ezibalelwa ku-10.
“Izisulu, okuyizingane, zatshela amaphoyisa ukuthi umfundisi wayeziholela endlini yakhe ayerenta kuyo endaweni yaseNdidini lapho ayezibukisa ama-video ocansi bese eyazinukubeza.
“UMabhale waboshwa endaweni yaseLuviai ayebhace kuyo ngoSeptember 2022 wase ethweswa amacala okunukubeza ngokocansi, ukubonisa izingane esidlangalaleni ucansi nokuhlukumeza ngokocansi. Uvele enkantolo yeMantshi eNquthu nalapho izicelo zakhe zebheyili zaphikiswa kuze kube uyagwetshwa. Icala lakhe labe selidluliselwa enkantolo yesiFunda eNquthu nalapho awaphika amacala ayebhekene nawo,” sisho kanje.
Kunconywe amaphoyisa enze umsebenzi omuhle wokuphenya oholele ekutheni inkantolo imthole enecala uMabhale.
