
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa KwaZulu-Natal azisa umphakathi ukuthi uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi akanayo i-akhawunti yezinkundla zokuxhumana futhi zonke izinkundla zokuxhumana ezinezithombe zakhe negama lakhe zingamanga.
ULt-General Mkhwanazi usho kanje kulandela ukuthi ezinkundleni zokuxhumana u-X, TikTok no-Facebook kunabantu abasebenzisa igama lakhe nezithombe bezenza yena.
Esitatimendeni esikhishwe amaphoyisa sithe lezo zithombe nezinkundla zokuxhumana zisetshenziswa ukudukisa umphakathi futhi ziwenze ukholwe ukuthi ukhomishana wamaphoyisa esifundazweni usebenzisa zona lezi zinkundla.
“Yize amaphoyisa ecabanga ukuthatha izinyathelo zomthetho kulabo abazenza ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal ukufezekisa izimfuno zabo, umphakathi sithanda ukuwazisa ukuthi lawo ma-akhawunti angamanga futhi amaphoyisa KwaZulu-Natal ngisho nokhomishana wesifunda imbala akaze awagunyaze,” kusho isitatimende.
Ukhomishana uthe unxenxa wonke amalunga omphakathi ayeke ukusebenzisa izithombe zakhe emibhikishweni ehlobene nezepolitiki, ikakhulukazi leyo emelene nomongameli wezwe.
“Nakuba ukhomishana wesifundazwe ekwamukela ukwesekwa abantu abakukhombisayo mayelana nomsebenzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, kodwa ukusetshenziswa kwezithombe namagama akhe kuma-poster nasezingqwembeni uma kubhikishwa, kuthumela imilayezo emibi kuhulumeni, izikhulu zikahulumeni kanye nomphakathi wamazwe ngamazwe,” usho kanje.
Sithe ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal umelene nobugebengu nezigebengu, hhayi abaholi kuhulumeni.
