
Nhlakanipho Mnqayi
Kubongwe omakhelwane okungoMnuz Derek Chirwa noDavid Phiri ngesikhathi betshengisa ubuqhawe ukusindisa impilo yezithandani esezikhulile ngesikhathi kusha ikhaya lazo izolo.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi laba balisa bebona umuzi walezi zithandani usha ubuhanguhangu, bangananaza bavula isicabha ngendluzula bahlenga lezi zithandani, esisodwa sazo esibalelwa eminyakeni engu-79.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ushayele izandla lamadoda amabili ngenxa yobuqhawe abutshengisile wathi bukhombise ubuntu.
“Ukucabanga kwabo ngokushesha nokuba nesibindi kuvikele ukulahleka komphefumulo. Lesi senzo sobuqhawe sitshengisa intshisekelo kithi sonke,” kusho uMfu Buthelezi.
Uphinde wakhumbuza bonke abahlali baKwaZulu-Natal ngokuthi baqaphele njengoba isifundazwe sibhekene nobusika.
“Imililo eshisa izakhiwo iba miningi ngalezi zinyanga ezibandayo ngenxa yezinto eziningi okubalwa kuzo ukusebenzisa izinto zikagesi ezishisayo. Sinxusa bonke abantu ukuba baqinisekise ukuthi amakhaya abo aphephile kanye nothandiweyo babo,” usho kanje.
