
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezokuhlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma uveze ukuthi angeke besasebenzisa izindawo ezizimele njengendawo yesikhashana yokuhlala yezimo eziphuthumayo.
UMphathiswa usho kanje ngesikhathi enesithangami nabezindaba eMontclair Lodge izolo. Wenza lesi simemezelo nje, kusanda kushishwa ngaphandle izisulu ezasala dengwane ngezikhukhula zango-2022 ebezicushiswe eBayside Hotel, eThekwini muva nje.
“Sithenge iMontclair Lodge obekungeyakwa Transnet ngo-R33 million esizoyilungisa ukuze kuhlaliswe izisulu zezikhukhula. Le Lodge inamagumbi angu-268 akwazi ukwanela imibhede engu-600. Lesi sakhiwo siphethwe yi-Housing Development Agency egameni loMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal,” kusho uDuma.
Uthe kuzoqokwa unjiniyela osezingeni ngaphambi kokuphela kwenyanga ka-July ukuze azolihlola, okuzoveza ukuthi kudingeka umsebenzi ongakanani ukulilungisa.
“Kuzobe sekuqashwa usonkontileka ngokushesha uma sesithole umbiko wokuhlolwa. Imali engango-R35 million izobekwa eceleni ukulungisa kuthi engu-R4.2 million yona ibekelwe ukulihlola. Kulindeleke ukuthi ezinye zezisulu zezikhukhula zihlale kule-Lodge ngenyanga kaDecember nonyaka noma ngo-January wangonyaka ozayo. Iqhinga lethu ukuqinisekisa ukuthi sizilindele izimvula ezinamandla nezikhukhula ezimataniswa nesizini yasehlobo,” usho kanje.
Uthe lesi isenzakalo esiyingqophamlando sendawo yokuhlala yesikhashana ephethwe nguhulumeni ezonciphisa kakhulu irenti ekhokhelwa izindawo ezizimele zokuhlala eziphuthumayo zesikhashana.
