
Bongane Motaung
Amalungu omphakathi waseNquthu azibiza ngeMarch and March Nquthu aphume umkhankaso wokumisa ukusebenza kwabokufika abahweba edolobheni laseNquthu.
NgoLwesine lomphakathi uphoqe bonke abadayisa emgwaqweni ukuba bayeke ukudayisa waphinde wanikeza isixwayiso kulabo abadayisa ezindlini abaziqashile zomkhandlu kanye nama-container ukuba bavale kungakapheli amahora angu 24.
Namuhla, ngoLwesihlanu lelithimba livukele khona edolobheni ukuqhubeka nomkhankaso nalapho lifike kwi-container edayisa amagwinya edume ngokuthi kukaBrown, bayivala ngenkani, bathatha okhiye. Emva kwalokho kubonakale inguyazana yabahwebi bangaphandle beqoqene kulendawo ukuzogqekeza bayivula kabusha.
Emavikini amabili endlule iMarch March Nquthu yaba nemashi enokuthula eyayilibangise eMkhandlwini ukuba bambisane namaphoyisa kanye noMnyango wezaseKhaya ukuba kukhishwe abantu bangaphandle abahweba ngokungemthetho kulendawo futhi abavalela imisinsi yokuzimilela amathuba okuhweba.
Okhulumela lenhlangano uThandazani Buthelezi uthe uMkhandlu njengoba usuhlulekile ukubaphendula okanye ukuthatha izinyathelo ngohlu lwezikhalo zabo olubandakanya izindlu zomxhaso ezihlala abokufika elokishi eMpumelelweni kanye nobugebengu abafika nabo, babone kungcono njengenhlangano basukume bazithathele izinyathelo zokuzikhiphela bona abokufika kulelidolobha.
U-Enzo Ahmed waseCongo utshene intatheli ukuthi bayabandlululwa ngoba badayisa ngokusemthethweni njengoba bakhokha oR200 ukuthola izincwadi ezibavumela ukudayisa. Uqhube wathi uma behamba bazoyaphi beshiya izingane zabo ngemuva. “Nginabantwana abane nomfazi woMzulu, yena akasebenzi imina osebenzela bona.” Kusho u Enzo
Njengamanje laba bokufika bami amaqoqo ngaphakathi edolobheni laseNquthu ngethemba lokuba isimo sizobancono, kodwa iMarch March Nquthu yona ithi angeke ibanikeze ithuba lokuba babuyele emsebenzini, ibafuna bebuyele emakubo.
