
Nhlakanipho Mnqayi
Abazi bazothathani behlanganise nani abahlali basemijondolo yaku-Kennedy Road ku-ward-25, eThekwini kusha imijondolo yabo ngoLwesine ngezithuba zango-2 emini.
Kubikwa ukuthi umlilo ushise imijondolo engu-117, kwasala dengwane abantu abangu-217 okubalwa nezingane.
“Abekho abalimele noma abashonile futhi imbangela yomlilo ayaziwa, uphenyo lusaqhubeka,” kusho isitatimende.
Abezimo eziphuthumayo ngaphansi koMasipala weTheku nethimba lezinhlekelele, izinhlaka ezahlukene okubalwa nenkampani engenzi nzuzo iGift of the Givers baphuthume endaweni yesigameko ukuyosiza abakhahlamezekile ngokudla, izingubo kanye nokunye okubalulekile.
“Imindeni esale budengwame ifihliswe ikhanda komakhelwane, abangani kanye nezihlobo,” sisho kanje.
Khonamanjalo: uphiko lokuhlaliswa kwabantu kuMasipala weTheku luthungatha isixazululo sokusiza labo abalahlekelwe amakhaya abo.
