
Kuthuke abaningi ngokushona kowayeyiphini likamongameli eNingizimu Afrika uDavid Dabede Mabuza esibhedlela saseSandton namhlanje ekuseni.
UMabuza obeneminyaka engu-64, waba yiphini likamongameli phakathi kuka-2018 no-2023.
Wake waba nawundunankulu waseMpumalanga.
UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthe uMabuza unikele impilo yakhe ekusebenzeleni abantu bakuleli.
“Egameni le-African National Congress sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe, abangani, ama-comrades nakubantu baseNingizimu Afrika. Silahlekelwe wumuntu obethanda izwe, obelwela inkululeko,” kusho uMbalula.
Namaqembu ahlukene epolitiki aseqalile ukuthumela imiyalezo yawo yenduduzo.
