
Nhlakanipho Mnqayi
AmaZulu FC agijima kuBetway Premiership aseqome ukusebenzisana nenyuvesi yezobuchwepheshe iDUT emva kokusayina isivumelwano sokusebenzisana izolo.
Usuthu luzoxhasa iFaculty of Management Sciences neDUT Business School ngesivumelwano seminyaka emithathu kusukela ngonyaka wezi-2025, 2026 no-2027.
Ukusayinwa kwalesi sivumelwano kulezi zinhlaka zombili kuza emva kokuba iDUT Faculty of Management Sciences izoba nezemidlalo zingu-22 August nonyaka khona eDUT.
Okunye okuhlalukile ukuthi enye yezinhloso kuwukwakha ubuhlobo obuhlanganisa ukuthuthukiswa kwebhola likanobhutshuzwayo, ukwenza kahle kwezemfundo, ukutshalwa kwezimali kwezenhlalakahle kanye nokuthuthukiswa komphakathi.
OyiNhloko yezokukhangisa eDUT Business School, uNksz Zinhle Zungu-Rashee, uthe lesi sivumelwano sinamandla okukhula ngaphezu kwalesi sigaba senyuvesi futhi sibe ngukhiye wokuqalisa umkhiqizo wesikhungo.
“Njengoba iDUT izimele nje isimataniswa neqembu lezemidlalo elithenjiwe. Sizimisele ukuzuza ukubonakala okuthuthukile, ukusebenzelana okujulile komphakathi kanye nobudlelwano obuhle bomphakathi ikakhulukazi phakathi kwabasebenzi bethu, izitshudeni, asebeqedile kanye nemiphakathi yasendaweni nekazwelonke,” kusho uNksz Zungu-Rashee.
Uthe usuku lwezemidlalo luhambisana ngqo nesu le-DUT ENVISION 2030, elibandakanya ikakhulukazi abantu abagxilile futhi ababambe iqhaza.
“Ihlanganisa izinjongo zempilo, kanye nokuzibandakanya komphakathi okuyizinsika zombono wesikhathi eside we-DUT. Ngaphezu kwalokho, ngokuzibandakanya neqembu lebhola likanobhutshuzwayo elikhokhelwayo elifana naMaZulu FC, ubambiswano lwengeza ukubaluleka kwangaphandle okusekela ukuzibophezela kwe-DUT ekwakheni ubudlelwano obunomthelela kanye nokubamba iqhaza ekuguquleni umphakathi,” usho kanje.
Uthe umbono woSuthu wonyaka ka-2032 uhlanganisa izinto ezibalulekile okubalwa kuzo ukwakha iqembu elisezingeni nelinesisekelo esiqinile kwikhono lasekhaya, ukuzuza impumelelo emiqhudelwaneni yasekhaya neyezwekazi kanye nokusungula uhlobo lwebhola lezinyawo elisimeme ngokunganikezi abadlali amandla kuphela kodwa nokuthuthukisa umthelela walo emphakathini ngokusebenzisa izinhlelo ezahlukene ne-DUT.
Umxhumanisi wamaZulu womphakathi, uMnuz Philani Ndlela uthe lesi sivumelwano sisekelwe, phakathi kokunye, yizinsika ezine eziwumgogodla.
“Ngokuxoxisana nomphakathi wabafundi odlangile wase-DUT, AmaZulu FC azokwengeza umkhondo wawo wokusekela intsha kanye nabaholi bakusasa baKwaZulu-Natal. Leli yithuba elihle lokujulisa izimpande zamasiko eqembu ngenkathi kugqugquzelwa ukwethembeka, umoya wokufunda kanye nokuhlobana komkhiqizo. Ngokuhlola okuhlanganyelwe, ukuqeqeshwa, kanye nemitholampilo yokuqeqesha, lokhu kubambisana kuzovula amathuba ezemidlalo angakasetshenziswa ngaphakathi kwenhlangano yabafundi yase-DUT. AmaZulu azosiza ekwakheni ubuhlobo obusuka esikhungweni semfundo ephakeme kuye ebholeni elikhokhelwayo, linikeze ikhono elingahluziwe oluzoba yindlela eya emadlelweni aluhlaza,” kusho uNdlela.
Uthe lesi sivumelwano ngenye yezinhlelo ezisukela ekuqeqesheni intsha kanye namakamu okuqeqeshwa kwezempilo nempilo enhle, kuya emikhankasweni yezemfundo. Uthe ngokubambisana, AmaZulu FC kanye ne-DUT bazimisele ngokusebenza ngaphandle kwenkundla ukufinyelela emfundweni futhi i-DUT izovula uhlelo lwayo lwezemfundo kubadlali baMaZulu, abasebenzi kanye nomphakathi wonkana webhola ngemifundaze, izifundo ezimfushane, kanye nezinhlelo zamakhono okuphila, kunikezwe abadlali amandla okuzithuthukisa balungiselele ukuphila ngemva kwebhola.
