
Nhlakanipho Mnqayi
Uvele okwesibili enkantolo yeMantshi eMlazi ezofaka isicelo sebheyili osolwa ngokubulala eMlazi.
USanele Dlamini (28) uvele enkantolo muva nje, njengoba esolwa ngokudubula abulale abantu abantu-8 nokuzama ukubulala abangu-4 eMlazi esigcemeni sakwa-U.
Okuhlalukile enkantolo ukuthi umshushisi ucele ukuthi icala lihlehliswe njengoba kusaqhubeka uphenyo futhi basalinde imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu yezisulu nokuhlolwa kwesibhamu.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority esifundeni saKwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe umsolwa uyishalazelile ibheyili ngenxa yobucayi becala.
“Umsolwa uzogcinwa esitokisini aze aphinde avele enkantolo zingu-30 July nonyaka,” kusho uNksz Ramkisson-Kara.
Kuvele nokuthi uDlamini uthinteka ecaleni lokuhlukumeza kanye nokulimaza impahla okuyicala elabikwa nyakenye ngo-November. Uzovela kulo zingu-14 July nonyaka.
