
Nhlakanipho Mnqayi
Kushone ababili ngesikhathi imojondolo yase-Sukamuva ku-ward-71, eCrossmore, eNyakatho neTheku isha ubuhanguhangu muva nje.
Ngokusho kombiko kuthiwa lemijondolo yasha ngezithuba zabo-11 ngoLwesihlanu ebusuku kwaze kwaba isekuseni ngoMgqibelo. Abezimo eziphuthumayo nethimba lezinhlekelele bagasele endaweni yesigameko ukuzobhula umlilo obusha ubuhanguhangu, wadlula nemiphefumulo yababili.
“Umlilo udicilele phansi imijondolo engu-15, kwashona ababili. Eminye imindeni engu-22, okubalwa kuzo izingane isale budengwane,” kusho isitatimende.
Sithe abezimo eziphuthumayo basebenze ubusuku bonke becisha umlilo besiza nezisulu.
“Imbangela yomlilo ayikakaziwa, futhi kusaphenywa. Abezinhlekelele kumasipala bahlinzeka ngosizo okubalwa ukudla, izingubo, kanye nezindawo zokufihla ikhanda okwesikhashana,” sisho kanje.
