
Nhlakanipho Mnqayi
Kushintshwane ngezulu lezandla kwashona abasolwa abahlanu ezigamekweni ezimbili eNanda izolo.
Kubikwa ukuthi kulezi zigameko ezenzeke ngokuhlukana, amaphoyisa ancinzwe indlebe ngabasolwa abebefunwa abakhandelwe uzungu babanjwa engwaqeni Etafuleni khona eNanda.
“Umsolwa ube esegadla kuqala, amaphoyisa abuyisela. Umsolwa ubefunwa mayelana necala lokubulala, amanye amathathu okuzama ukubulala nokubamba inkunzi kuhlonyiwe. Udutshulwe washona watholakala nesibhamu,” kusho isitatimende.
Sithe kwesinye isigameko, amaphoyisa aphinde athola umkhondo wabasolwa abebefunelwa amacala okubulala, ukuzama ukubulala nokugqekeza imizi eNanda.
“Amaphoyisa agasele kubo abasolwa behleli emakotishi emgwaqeni uDr Langalibalele. Ngesikhathi bebona amaphoyisa, abasolwa bagadle kuqala amaphoyisa aphendula. Emva kokudubulana, abasolwa abane basale enkundleni,” sisho kanje.
Kushaqwe izibhamu ezintathu ebezicishwe izinombolo kubo abasolwa. Awekho amaphoyisa alimalile kuzona zombili izigameko.
