
Phili Mjoli
ISIKHUNGO esibhekelele ukugunyazwa kwemithi yokwelapha kuleli, iSouth African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA), sixwayisa umphakathi ngokwanda wezinkampani ezikhiqiza imithi ngensangu ezikhohlisa umphakathi zithi imikhiqizo yazo ibhaliswe.
Lesi sikhungo sithi siyakhula isibalo sezinkampani ezikhiqiza imithi ngensangu kuleli, okusikhathazayo ukuthi kuhambisana nokukhula kwesibalo sezinkampani ezikhombisa umphakathi izimvume ezizigunyaza ukuthi zikhiqize leyo mikhiqizo eziyikokotele ukuze zethenjwe.
Lesi sikhungo sithi ukusetshenziswa kwezimvume eziyimikokotelo kubeka umphakathi engcupheni uma usebenzisa leyo mithi, ngoba isuke ingahloliwe ukuthi iphephile yini. Siqhuba sithi kungenzeka ukuthi lezo zimvume zisuke zivumela izinkampani ukuthi zikhiqize insangu nokuthi ziyidayisele amanye amazwe kodwa zona ziqole umphakathi zithi zikhomba ukuthi imithi yazo igunyaziwe.
Isikhulu esiphezulu kwiSAHPRA uDkt Boitumelo Semete-Makokotlela, unxuse umphakathi ukuthi uxhumane nalesi sikhungo uma ufuna ukuqinisekisa ukuthi imithi igunyaziwe, ngokungena kwi-website yaso ubheke umunxa obhalwe iDatabase and Registers, bese ubhala i-barcode yalowo muthi i-computer izokhipha imininigwane eveza ukuthi lowo muthi ugunyaziwe noma cha.
” I-SAHPRA izibophezela ekuvikeleni impilo yomphakathi ngokulawula imikhiqizo yezempilo ngokuqondile. Umphakathi ukhuthazwa ukuba uxhumane nathi ngolwazi olufanele ukuze kugwenywe ubungozi futhi kubanjwe abaphula imithetho,” kusho uDkt Semete Makokotlela.
