
Nhlakanipho Mnqayi
Kube nomuzwa oyingxube, wenjabulo nokudangala njengoba uNdunankuku waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli eseqinisekise izindaba zokusula kukaDkt Nonhlanhla Mkhize obenguMqondisi Jikelele kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
UNdunankulu uthe noma kunomunyu ngokushiya kukaDkt Mkhize, kodwa uncoma ukuzinikela kwakhe esifundazweni saKwaZulu-Natal selokhu angena esihlalweni ngo-1 August 2017.
Esitatimendeni asikhiphile uthe uyamukele incwadi yokusula kwakhe.
“UDkt Mkhize ubezinikele kubantu baKwaZulu-Natal futhi enobuqotho. Ubuholi bakhe bebubonakala ekulawuleni isifunda ezikhathini ezibucayi nezinzima ikakhulukazi ngesikhathi sezibhelu zango-July 2021 ne-COVID-19 kanye nemizamo yethu yokuqinisa ukuhlinzekwa kwengqalasizinda nokuhola,” kusho uNtuli.
Uthe ngaphansi kobuholi buka Dkt Mkhize isifundazwe iKwaZulu-Natal siqalise izinhlelo eziningi.
“Ukhuphule izinga lokusebenzisana kweminyango waphinde waqinisekisa ukuthi izinhlaka ezisemqoka ziyathuthukiswa. Kulezi zinhlaka kubalwa uhlelo iSukuma Sakhe oludlale indima enkulu ekuletheni izinsiza ezibalulekile zikahulumeni ukuthi zisondelane nemiphakathi.”
“NjengoMqondisi Jikelele wesifazane wokuqala KwaZulu-Natal, ushiya ngemuva ushintsho olukhulu nokusebenzisana okuncomekayo ekuholeni umphakathi. Indlela yakhe yokugqugquzela ubumbano kuzona zonke izinhlaka zikahulumeni kuzoba nomthelela omuhle ebuholini besifundazwe sethu,” usho kanje.
Uphinde wamemezela ukuthi njengoba evaleliswa uDkt Mkhize ngenkulu inhlokomo nothando, useqoke uDkt Nkosenye Zulu ozobamba okwesikhashana futhi unethemba lokuthi uzohola ngobuqotho aqinisekise ukuthi umsebenzi omuhle uyaqhubeka njengoba bebhekene nalolu shintsho.
Khonamanjalo: UNdunankulu uthe ngaphansi koMkhandu wesiFunda, ubuholi baKwaZulu-Natal kuzona zonke izinhlaka kanye nabantu basesifundazweni, udlulisa ukubonga okukhulu kuDkt Mkhize ngomsebenzi omuhle. Uthe umfisela impumelelo ekusaseni lakhe futhi uyathemba ukuthi imisebenzi yakhe encomekayo izoqhubeka ichaze abanye abaholi bomphakathi abasazoqhamuka.
