
Nhlakanipho Mnqayi
Iwuqale ngenothi eliphansi iBafana Bafana umqhudelwano weCosafa Cup ngesikhathi iguqiswa yiMozambique eToyota Stadium, eBloemfontein ngoLwesithathu.
Isiwombe sokuqala iBafana isiqale kahle njengoba bekuyiyo ebitshengisa izimpawu zokuthi ingase ilithole igoli kuqala kulo mdlalo ngenxa yamathuba amaningi ewakhandile, bahluleka ukuwavalela enethini. Isiwombe siphele lamaqembu ebambene ngo 0-0.
Ngesiwombe sesibili, ukudla kushintshile epletini njengoba iMozambique ivuke umbhejazane yathola igoli ngomzuzu ka-56, kodwa laphikwa yi-VAR. IBafana iqhubekile nokuvika uthayela ngezandla iMozambique isingagayelwa mphako.
Ngomzuzu ka-73, iMozambique ilivalele enethini ngegoli elishaywe ngu-Antonio Sumbane eliqedela emva kokuthi unozinti weBafana uThakasani Mbanjwa evimbe imbumbulu ebikhahlelwe ngu-kapteni waleli qembu.
Kuthe ngomzuzu ka-79 iBafana yathola iphenathi emva kokuthi ibhola lishaye esandleni kumdlali weMozambique, kodwa iVAR yayiphika yathi akusiyo. Umdlalo uphele iMozambique ihamba phambili ngo 1-0.
Umqeqeshi weBafana uVela Khumalo ukhale ngamathuba amaningi ezakhe eziwakhandile kodwa zangawasebenzisa.
“Asiwashayanga amagoli. Sikhande amathuba amaningi okungenye yezinto ezinhle esingazithatha kulo mdlalo, kodwa bekudingeka ukuthi siwavalele enethini,” kusho uKhumalo.
Uthe ukuhlulwa emdlalweni wokuqala akusiyona into enhle.
“Kahle kahle besifuna ukuqala ngokuwina, kodwa manje sesingaphansi kwengcindezi njengoba kumele siwine lemidlalo emibili esisalele.”
“Nginethemba lokuthi ngalendlela nesitayela esidlala ngaso okuyindlela yaseNingizimu Africa iya kancane kancane ngokuba ngcono kodwa kumele siwasebenzise amathuba esiwatholayo ngoba ukube awekho amathuba esiwakhandayo ngabe ngiyakhathazeka, kodwa ngoba siyawakhanda futhi siyakwazi nokufika phambili, kuyinto enhle,” usho kanje.
Uthe bebazi ukuthi iMozambique izobabamba bengazelele futhi bebengamile kahle ngesikhathi iMozambique ithola igoli, kodwa badlale kahle njengeqembu noma bengaqalanga kahle futhi uyathembisa ukuthi bazokwenza kahle kulo mqhudelwano.
IBafana iseqoqweni u-A lapho eqhathwe khona namazwe afana no-Mauritius kanye neZimbabwe. Emdlalweni wayo olandelayo izobhekana neZimbabwe ngoMgqibelo.
