
Nhlakanipho Mnqayi
Njengoba kusele izinsuku ezinhlanu ngaphambi komjaho omkhulu eNingizimu Afrika, iComrades Marathon, uMasipala weTheku usuwuqalile amalungiselelo awo.
Lomjaho ozobe kungowesi-98 uzobe uyi-down run njengoba uzobe usuka eMgungundlovu uza eThekwini ngeSonto zingu-8 June nonyaka. Kubhekwe ukuthi ulethe izinkumbi zabagijimi, ababukeki kanye nezivakashi edolobheni.
Ngokwesitatimende esikhishwe umasipala sithe benza ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi idolobha lihlanzekile, liphephile futhi liyindawo eyamukelayo emgwaqeni yonke ezosetshenziselwa ukugijima.
“Lolu hlelo luyingxenye yobuhle bedolobha kanye nohlelo lokulungela olwenziwe emnyangweni eyahlukene ukuqinisekisa ukuthi iTheku lisezingeni kubagijimi. Ukuhlanza kanye nophiko oluqoqa imfucuza bazobe behlanza engxenyeni yaseThekwini kusukela eCato Ridge kuya eMoses Mabhida People’s Park beqinisekisa ukuthi yonke imfucuza iyaqoqwa, nemigwaqo ezosetshenziswa isala ihlanzekile emva komjaho,” kusho isitatimende.
Umasipala ucele abahlali ukuthi bewuseke umjaho ngokugcina izindawo ezisondelene nabo zihlanzekile, begqugquzele abagijimi baphinde batshengise imfudumalo nempatho iTheku elaziwa ngayo.
Kugcizelelwe nokuthi kuzoba nemigqomo kadoti ezobe ibekwe emigwaqeni ukugqugquzela izibukeli ukuthi ziyisebenzise ngendlela efanele.
