
Amaphoyisa aseKZN aphenya icala lokubulala, elokuzama ukubulala nokushayela budedengu kulandela ukuthi iphoyisa elinguConstable libulale umshayeli we tow truck kwalimala uzakwabo nomunye umuntu eMachunwini namhlanje ekseni.
Amaphoyisa amathathu eTRT, amabili angoSergeants noConstable, aseFree State abephuma e-Eastern Cape lapho abejutshwe khona esebuyela ekhaya ngesikhathi behluleke ukubona izimpawu zokuthi umgwaqo uvaliwe ashayisa unqenqema eMachunwini eHarry Gwala.
Kuthiwa amalungu amabili omphakathi ahambe ayosiza afonela i-ambulance ne tow truck.
UConstabke kuthiwa uphume emotweni wadubula umshayeli we tow truck. Ngesikhathi ozakwabo bengelela, udubule omunye wabo nelungu lomphakathi.
UConstable kuthiwa ube esephendula isibhamu wazidubula wazibulala.
Yena nomshayeli we tow truck bafele endaweni yesigameko kwathi usayitsheni oyedwa nenye indoda baphuthunyiswa esibhedlela. Elinye iphoyisa lisindile.
