
Amaphoyisa eCrime Intelligence athole iVW Polo esolwa ngokuthi kwathunjwa ngayo owesifazane u-Olorato Mongale wase eyabulawa eGoli.
I-VW Polo itholwe kwi panel beater ePhoenix eThekwini. IPolo yamlanda lapho ayehlala khona eya kwi date wangabuya. Kuthiwa iPolo yayine number plate ekokoteliwe efana neyeToyota Hilux.

Abaseshi kuthiwa baqale endaweni yokulala eseKew eGoli lapho abasolwa abebebhukhe khona. Uphenyo lube selubaholela KwaMashu emakhaya abasolwa.
“Imoto ibe isitholwa kwi panel beater. Ngesikhathi ihlolwa ochwepheshe bamaphoyisa kutholakale izinsalela zegazi ngaphakathi emotweni,” kusho isitatimende.
Kube sekuboshwa indoda endala engumnikazi wemoto kube kusabhekwa ababili amaphoyisa akholwa ukuthi bayathinteka ekufeni kuka-Olorato.

Amaphoyisa athungatha uFezile Ngubane noPhilangenkosi Sibongokuhle Makhanya.
Amaphoyisa athi bayingozi obabonayo athinte umphenyi wecala uBrigadier Nama ku 082 778 9035
