
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma useyalele amaphoyisa ukuthi amqaphe ngeso lokhozi umshayeli webhasi elidlule nemiphefumulo yabathathu namhlanje ekuseni oThongathi.
Kuthiwa lengozi ebibandakanya ibhasi ibinabantu abaya emsebenzini, yenzeke emgwaqeni uR102 ngesikhathi umshayeli wayo ehluleka ukuyilawula yayowela ebhulohweni kwalimala abangu-15.
Kuhlaluke ukuthi bangu-9 abayiswe esibhedlela sasendaweni, abayisithupha bayiswa esibhedlela esizimele, oyedwa ukhishiwe esibhedlela enemihuzukwana. Ababili bayiswe egunjini labagula kakhulu, oyedwa wabo uphefumula ngomshini kanti abathathu bangeniswe ewodini lokuhlinza ngenxa yokuphuka kaningi.
UMphathiswa udlulise amazwi endunduzo emindenini yezisulu waphinde wafisela abalimele ukululama okusheshayo.
Umshayeli webhasi usindile.
Ekhuluma nabezindaba, uthe amaphoyisa awaqinisekise ukuthi umshayeli webhasi ubhekana namacala okubulala.
“Ngiyalele ithimba lethu lakwa-Road Traffic Inspectorate ukuthi lisebenzisane namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi umshayeli nabaphathi bebhasi ukuthi baphenywe futhi babhekane nengalo yomthetho.”
“Uphenyo oluthinta ukungabi sesimeni sokuba sengwaqeni kwebhasi kuzohlolwa ngokuhlanganyela ne-Road Traffic Inspectorate kanye namaphoyisa,” kusho uDuma.
Uthe bashayela indesheni abezomthetho kanye nabezimo eziphuthumayo abasebenze ngokuhlanganyela emva kwalengozi enyantisayo.
