
Nhlakanipho Mnqayi
Abazwalane abayisishiyagalolunye abashona engozini enyantisa igazi emgwaqeni uN2 eMpangeni ngempelasonto edlule bafihliwe emuva kwenkonzo yomngcwabo ebibanjelwe eSilethukukhanya High School eMtubatuba.
Amalungu ebandla iZion Christian Church adlula emhlabeni kubalwa ngoNksz Sarafina Magwaza (57), Celiwe Zikhali (55), Dudu Mthembu (52), Winnie Mkhwanazi (52), Cabangile Mavundla (52), Qhamukile Khumalo (40), Sihle Ndamase (24), oMnuz Mphikiseni Sithole (57) noBongani Ndlovu (46).
Okuhlalukile ngesikhathi kubekwa lamalungu ebandla endaweni yawo yokugcina ukuthi umndeni waKwaMkhwanazi uzosala ungenamzali kulandela ukushona kukanina uNksz Winnie Mkhwanazi obeyinhloko yekhaya okwenze izingane zaphenduka izintandane njengoba zihlala endlini yodaka. Ungqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSboniso Duma, uthembisile ukuthi uzokungenelela lolu daba.
Edlulisa inkulumo yakhe uMphathiswa uthe kumjabulisile ukubona amabandla ahlukahlukene egida kule nkonzo yize imindeni isemanzini.
“Enye yezimpendulo ithi, kwakufanele kube khona abazothwala imithwalo enzima yokuthi uma seku kanje, uNkulunkulu ukhona futhi uyakwazi ukusiza ngecebo lakhe eliphelele. Kusazophuma abantu abakhulu kule mindeni, bese kuyaziwa ukuthi bake bamela icebo lakhe uNkulunkulu, wena owabona abafana abancane bamaHebheru abaphikisana nokukhonza izithixo. Ngiyafisa nakule mindeni ukuthi bahambe beye emsebenzini kaNkulunkulu.”
“Indlela azonqotshwa ngayo uSathane ukuthi baqhubeke bamukhonze uNkulunkulu noma kubuhlungu kunjalo ngoba ngalokho sizokwazi ukunqoba izinhloso zobumnyama,” kusho uDuma.
Uthe ezinye zezizathu zokuthi babizele lemindeni abaluleki bengqondo, yingoba babhekene nobunzima. Uthe kubalulekile ukuthi lemindeni bayithumelele nangabantu abazoyigada ngokomphefumulo.
