
Nhlakanipho Mnqayi
INational Prosecuting Authority (NPA) isiveze ukuthi izofaka isicelo ngesinqumo seNkantolo eNkulu yase-Eastern Cape sokukhipha phambili umfundisi waseNigeria uTimothy Omotoso.
U-Omotoso kanye nayeboshwe nabo okungo- Lusanda Solani noZukiswa Sitho bebebhekene namacala angu-32 okubalwa kuwo awokudlwengula, ukushushumbisa abantu nokukhwabanisa kanti bese kuphele iminyaka esiyishiyagalombili ebhadle esitokisini ehamba icala.
Esitatimendeni esikhishwe ongumqondisi kwa-NPA, uMnuz Barry Madolo, babona ukuthi kufanele bafake isicelo ngesinqumo seNkantolo esenziwa yijaji u-Irma Schoeman ngo-April nonyaka.
“Isinyathelo sokuqala kule nqubo ukuthi sicele ijaji licacise ngalokhu elikutholile. Amaphepha afanelekile mayelana naleli cala anikeziwe unobhala wenkantolo eGqeberha ngoMsombuluko. Uma sesiyitholile incazelo ejajini mayelana nelakuthola, ithimba lezomthetho le-NPA lizobe selilungisa imibuzo yomthetho, ifake isicelo kumabhalane wase nkantolo,” kusho uMadolo.
Uthe iNPA ibhizi nophenyo lwangaphakaphi olwaqala ngo-August nyakenye oluthinta ithimba labashushisi abathintekayo kulolu daba.
“Kulokhu kwakhishwa isigwebo, phenyo luthinta ithimba labashushisi bezinhlaka zombili, kuzanywa ukuthola ukuthi kulandelwe imigudu eyiyona yini ngenhloso yokuhlonza uma kunesidingo, izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe ezithathwe kubantu abathintekayo,” usho kanje.
Uthe emva kwesinqumo senkantolo, iNPA iqoke izikhulu ezengeziwe ukusizaa ngophenyo ngenxa yobucayi balo. Uthe umbiko wophenyo ulindeleke ukuthi ukhishwe ngo-June nonyaka.
