
Kushone umdlali weDurban City FC uSinamandla “Sgora” Zondi bedlala nomkhaya iMilford FC eChatsworth Stadium izolo ebusuku.
USgora (22) obeyibamb esiswini kuthiwa ushonele endleleni ebheke esibhedlela esuka emdlalweni lapho equleke khona.
Umdlalo uye ekhefini iMilford iphambili ngo 0-1 ngephenathi eshawe uSiphamandla Ndlabi.
IDurban City ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukushona kwakhe.
“USinamandla ubengaphezu kokuba umdlali webhola onekhono, ubewuzakwethu eqenjini, umngani, ubhuti, indodana nomuntu ogqugquzelayo kulabo abebemazi,” kusho iCity.
Ithe imicabango nemiyalezo yenduduzo isemndenini, abangani, ozakwabo, abaqeqeshi nabo bonke abathintwe yilesi sehlo.
Ithe izobeseka abasondelene naye ngalesi sikhathi.
Akukashiwo umdlalo uzoqhubeka nini. ICity ibizama ukubuyisa umgqigqo kulandela ukuphikwa yimiphumea emidlalweni edlule. Iphezulu kwi log yeMotsepe Foundation ngama point angu 46 emdlalweni engu-25. Izama ukuqhela kakhulu kwiKruger United elandela ngo 41 emidlalweni engu-26 neCasric Stars ena 40
