
Nhlakanipho Mnqayi
Itekisi ebizama ukuwela umfula iNcamdane ngaphansi koMasipala iMadlangeni kuwadi-1 ngaphansi kwesifunda Amajuba limukile ngesikhathi ligugulwa amanzi.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi leli tekisi lizama ukuwela lomfula belinabantu abane, abathathu kubona bakwazile ukuphuma kwathi owesifazane oneminyaka engu-33 yena wamuka.
Imibiko etholwe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal ivezw ukuthi abezimo eziphuthumayo baphuthumele endaweni yesigameko ngokushesha. Imizamo yokuthola isidumvu sowesifazane ayiphumelelanga.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi udlulise amazwi enduduzo emndenini, wayalela nabezinhlekelele ukuthi beseke umndeni ngalesi sikhathi esinzima.
“Sigqugquzela abantu ukuba baqaphele njengoba isimo sezulu siqhubeka nokubeka izimpilo zabantu engcupheni. Isifunda sibe nezimvula ezinamandla zika-Level-4 no-5 ngoLwesibili ngoLwesithathu ezibeke engcupheni izindawo ezisondelene nemifula. Abezenhlekelele esifundazweni bayaqhubeka nokubheka imibiko abayitholayo eqhamuka ezifundeni ezahlukene,” kusho uMfu Buthelezi.
UMphathiswa uphinde wanxenxa abantu abazothatha uhambo ngalamaholidi ePhasika ukuthi baqaphele futhi bazi ukuthi isimo sezulu simi kanjani.
“Noma imibiko yakamuva eqhamuka kwabezimo zezulu ingatshengisi isimo sezulu esibi esifundazweni ngalesi sikhathi sempelasonto yePhasika, abezimo zezinhlekelele bazohlale besiqaphile isimo,” usho kanje.
Imizamo yokuthola isidumbu sowesifazane iyaqhubeka.
