
Nhlakanipho Mnqayi
Inkantolo yesiFunda, eMgungundlovu igwebe owesilisa odilikajele abane ngamacala amane okudlwengula awenza kwakhe eMbali, e-Unit 18 ngoFebruary noMarch nyakenye.
Ngokwesitatimende esikhishwe amaphoyisa, kubikwa ukuthi uLindani Gcumisa (46) ngobusuku bangezi-23 February nyakenye wathuma umfana oneminyaka engu-12 esitolo, owahamba nabangani bakhe ababili. Kuthiwa ngesikhathi umfana esesitolo, uGcumisa owaziwa ngelika ‘Uncle Lee’ wabiza lomfana oneminyaka engu-12 wamuyisa egumbini lakhe wase emdlwengula.
“UGcumisa wanika isisulu imali engu-R5 wathi singatsheli muntu. Ngesikhathi umfana ebuyela kubangani bakhe, omunye wathi akakhumule ibhulukwe lakhe bamuhlola izinqe. Ngesikhathi bebona uketshezi, abangani bayalela isisulu ukuba suyobikela unina,” kusho isitatimende.
Sithe icala lokunukubeza ngokocansi lavulwa umsolwa zamkhalela.
“Uphenyo olunzulu olwenziwa amaphoyisa lwaveza ukuthi akusikhona okokuqala uGcumisa enukubeza lomfana. Uphiko lwamaphoyisa lwe-Family Violence, Child Protection amd Sexual Offences Unit aphinde athola nokuthi omunye olanywa abangani besisulu oneminyaka eyisishiyagalolunye naye wadlwengulwa uGcumisa, kwase kuvulwa amacala,” sisho kanje.
Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uncome umsebenzi owenziwe amaphoyisa ahlanganise ubufakazi obuholele ekuboshweni kukaGcumisa, waphinde washayela inkantolo izandla ngokugojela umsolwa ukuthi achithe impilo yakhe yonke ebhadla ejele.
“Ukunukubeza ngokocansi kusayiva elihlabayo emaphoyiseni KwaZulu-Natal kanti izigwebo ezifana nalezi zigqugquzela amaphoyisa ukuthi asebenze kanzima ukuxazulula amacala okunukubeza,” kusho uLt Gen Mkhwanazi.
Uthe izisulu nazo ziyagqugquzelwa ukuba ziphumele obala zikhulume futhi zivule amacala, zazi ukuthi ubulungiswa zizobuthola.
