
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi usethembise ukuthi uzokwakhela imindeni eyisishiyagalolunye yasOphiyaneni, kwaNongoma njengoba yadilikelwa imizi ngesikhathi kuqhekeka umhlaba kulendawo.
UMphathiswa ubehamba neMeya yaseZululand, uMichael Khumalo kanye neMeya yakwaNongona uMnuz Clifford Ndabandaba.
Wenze lesi simemezelo ngokubambisana nabalingani bomphakathi u-Old Mutual, iRed Cross, Al Imdaad Foundation neThemba Njilo Foundation. Lesi simemezelo siqhamuka emva kokuhlola umonakalo owenziwe umphathiswa ngesikhathi evakashele imizi ekhahlamezekile namhlanje.
Kuphindwe kwanikezwa izinsiza ezibalulekile emindenini engu-100 kwaNongoma namaphethelo ekhahlanyezwe yizimvula zakamuva.
Edlulisa inkulumo yakhe, uthe kubalulekile ukuthi baphendule ngempumelelo kwizidingo zomphakathi ngemuva kwesimo sezulu esingesihle.
“Into esikhuthaza kakhulu ukuqinisekisa ukuphepha kanye nenhlalakahle yemindeni ekhahlamezekile. Sibonga siyanconcoza ukuzinikela kwabalingani bethu okuwu-Old Mutual, iRed Cross, Al Imdaad Foundation neThemba Njilo Foundation ekuletheni ukuseka okusemqoka ngokwakhiwa kwalezi zindlu ezintsha zalabo abakhahlamezeka kudabuka umhlaba kanye nokuhlinzekwa kosizo olusheshayo,” kusho uMfu Buthelezi.
Uphinde wagcizelela ukuthi inhloso yakhe ukubuyela kulendawo esezonikezela ngezindlu ezixhaswe ngokukhululekile yilaba balingani bomphakathi abazinikele.
