
Nhlakanipho Mnqayi
Balale bebaliwe abasolwa abahlanu abebefunwa ngamaphoyisa KwaNgcolosi.
Laba basolwa ababalelwa eminyakeni engu-21 no-25 ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala kanye nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe, izolo ithimba le-Crime Intelligence Unit luhlanganise ulwazi mayelana nabasolwa abebefunelwa icala lokubulala uMnuz Sbongiseni Mkhize no-Squmane Gasa abadutshulwa babulawa zingu-18 January 2023 endaweni yase-Embo.
“Ulwazi lube seludluliselwa ethimbeni lesiFunda, elabe seliyaKwaNgcolosi nalapho lifike lafica abalisa abahlanu kwenye yezindlu. Ngesikhathi amaphoyisa ehlola kuyo, athola isibhamu nezinhlamvu.”
“Uphenyo luveze ukuthi abasolwa bebehlela itulo lokuyobulala ngaphambi kokuthi amaphoyisa ababhaqe,” kusho isitatimende.
Abasolwa vabe sebeboshwa, bahlonzwa njengabafunwayo kwazise basolakala kuxhaxha lwamacala okugqekeza endaweni.
Bazovela enkantolo yeMantshi ePinetown kusasa.