
Igama lomsakazi uLerato Kganyago selifakwa kwikhomishana kaMadlanga.
Othula ubufakazi bakhe manje efihliwe uWitness A uthe wafonelwa uVusi Ndlala emtshela ukuthi omunye abambophela ukubulala u-Armand Swart uPule Tau uzonikwa ibheyili ngempela kwaba njalo. UWitness A uthe wayengokholwa ngoba benobufakazi obuqinile obumyamanisa necala kodwa uNdlala wamtshela ukuthi uTau uzokhokha ukuze aphuma uma ehluleka uzokweqa noma abulale abaphenyi.
UWitness A uthe wamenywa ephathini wafica izikhulu zamaphoyisa akholwa ukuthi isimemo kwakuyimizamo yokuthi yena nozakwabo bathengeke. Kokunye kwaya uzakwabo yena engekho.
Iphathi yayisehhotela i-12 on Hillel Villa & Spa okungelikaLerato.
Umyeni kaLerato uThami Ndlala akukaziwa ukuthi uhlobene yini noVusi Ndlala noma ngelinye igama lakhe.
UThami usanda kuvula inxanxathela yezitolo iNdlala Mall ePitoli.
UWitness A uyaqhubeka nobufakazi bakhe namuhla.