
Nhlakanipho Mnqayi
Abasolwa ababili badutshulwe bafa ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ehostela eGlebelands, eMlazi.
Laba basolwa ababalelwa eminyakeni engu-27 no-30, bebefunelwa icala lokuduna elenzeka endaweni yase-Harding ngoLwesihlanu zingu-19 September nonyaka.
Kuthiwa laba basolwa ababehlome beyizingovolo baduna iveni, kwaboshwa umsolwa oyedwa abanye bagcwala amathafa.
“Imininingwane mayelana nomsolwa oyedwa ukuthi ubhacephi yatholakala, yabika ukuthi umsomwa ucashe ehostela eGlebelands, eMlazi. Kube sekuqaliswa uhlelo lokumthungatha ngoMsombuluko zingu-20 October nonyaka, kwathi ngesikhathi ezibika, umsolwa wavulela ngezulu lezandla,” kusho isitatimende.
Sithe kube sekudutshulwana, abasolwa basala enkundleni. Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.