
Nhlakanipho Mnqayi
UConstable Andile Zulu (40) uboshelwe icala lokubulala uConstable Sibonelo Ngidi (29) zingu-11 October nonyaka.
Kubikwa ukuthi uConstable Ngidi wayeshayela emgwaqeni uChestnut Crescent ngesikhathi ebona imoto eyayipake phakathi nomgwaqo. Wabe esecela umshayeli ukuthi ukuthi ayisuse nalapho okwaqubuka ingxabano eyaholela ekutheni uConstable Zulu adubule amahlandla amaningi ebhekise ku-Constable Ngidi.
“UConstable Ngidi waphuthunyiswa esibhedlela, washona esanda kufika. Icala lokubulala lavulwa esiteshini samaphoyisa eMariannhill, lase lidluliselwa ophikweni loKlebe. Uphenyo lwaholela ithimba esiteshini sase-Escombe Railway lapho uConstable Zulu asebenza khona, wayalelwa ukuba azilethe kodwa wabaleka,” kusho isitatimende.
Siqhube sathi ngosuku olulandelayo, waziletha ethimbeni le-National Intervention Unit, eDurban Central, uphiko loKlebe lwase lwaziswa. UConstable Zulu waboshwa, watheswa icala lokubulala nelokuzama ukubulala.
“Uvelile enkantolo yeMantshi ePinetown namhlanje, wagcinwa esitokisini. Icala lihlehlele zingu-27 October nonyaka ukuze afake isicelo sebheyili,” sisho kanje.
Isikhulu esiphezulu samaHawks eKZN, uMajor General Lesetja Senona, ukwamukele ukuboshwa komsolwa waphinde wancoma amaphoyisa ngomsebenzi omuhle.