
Amaphoyisa abophe umnikazi weNjoms Security uBruce Mhlongo ngecala lokubulala uthisha waseKhethindlelenhle Primary School owadutshulwa esemotweni kwaPata ngoFebruary 2022.
UMhlongo (52) ubevele kafushane enkantolo yemantshi eMgungundlovu namhlanje.
Waziwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngokuqopha abayizigebengu ezivele zicule uma esezibambile.
Usolwa ngokubulala uThabani Innocent Zondi (48) owayehleli emotweni yakhe. Amaphoyisa efika endaweni yesigameko amthola ephakathi enamanxeba amaningi enhlamvu kwatholakala namagolobondo ezinhlamvu angu-21.

Idokodo lidluliselwe kwiProvincial Murder and Robbery Unit ethole incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe yase iyamthatha izolo.
UMhlongo uthinteka nakwamanye amacala okubulala, ukuzama ukubulala nokubamba inkunzi kuhlonyiwe ePlessislaer naseRichmond kusukela ngo-2022. Amaphoyisa athathe nezibhamu zenkampani yakhe ukuthi ziyohlolwa.
Ugcinwe esitokisini uzobuyela ngomhlaka 30 October eyofaka isicelo sebheyili.
